Umqulu wosizo uMnyango wezaManzi Nokuthuthwa Kwendle kaMasipala waseThekwini ohlinzeka ngalo amakhasimende awo wenzelwa ukuqinisekisa ukuthi okulindelwe ngumphakathi ekulethweni kwezidingo kuyahambisana namazinga angakaleka okwenza umsebenzi.
Umphakathi uyazi ukuthi ungathintana kanjani noMnyango wezaManzi Nendle kaMasipala waseThekwini.
Bungagcinwa kanjani bubuhle ubuhlobo namakhasimende ngenxa yokuzikhethela ukuhambisana neqophelo lokuhlinzeka ngezidingo elishicilelwe kodwa futhi amalungelo amakhasimende ebe esahlonishwa.
ukuthi uMnyango wezaManzi Nokuthuthwa Kwendle kaMasipala waseThekwini uzokusiza futhi ukweseke kanjani wena njengekhasimende lethu, iqophelo lowenzelwa khona wena njengekhasimende lethu ongalilindela, ukuthi ungasisiza kanjani ukuba sikusize kangcono nokuthi ungazenza kanjani iziphakamiso ukuze senze kangcono, imigudu wena njengekhasimende ongayilandela uma ufisa ukuzwakalisa ukungeneliswa kwakho ngeqophelo lomsebenzi wethu.
Wonke amahhovisi kusho lapho kuqhutshwa khona izindaba eziphathelene namanzi.
Ukulethwa kwamanzi anomfutho ophelele eza ngqo endlini esuka emapayipini kaMasipala.
Amalitha angama-200 amanzi ngosuku atholakala ngethangi eliphansi eligcwaliswa nsuku zonke - alingana namalitha ayizi-6 000 amanzi amahhala ngenyanga.
Ompompi basemgwaqeni abafakelwa imiphakathi esagobe amadlangala okwesikhashana.
Izikhwanyana zamanzi noma afika ngeloli lapho kunokuphazamiseka isikhathi eside.
Ukuthuthwa kwendle ngamapayipi okwejwayelekile kusetshenziswa amanzi- kuxhunywa kwingqalasizinda yamapayipi endle.
Ukuhanjiswa kwendle ngamapayipi kusetshenziswa amanzi kuchithwe khona ejalidini - ithangi elingaphansi komhlaba nokuhambisana nalo.
Lapho kusetshenziswa amanzi khona, kuchithelwe ethangini okufika iloli lizomomela ethangini layo lihambe nayo indle liyoyichitha kwenye indawo.
Wonke amakhasimende athola amakhilolitha ayisithupha okuqala amanzi mahhala ngenyanga, ziye ngokwenyuka-ke izimali kulawo makhasimende athola amanzi anomfutho ophelele noma ophansana kanye nezimali ezingaguqukiyo kulawo makhasimende omfutho ophelele asebenzisa amakhilolitha angaphezulu kwayisithupha ngenyanga futhi ahlala ezindaweni zokuhlala ezibiza ngaphezu kuka-R40 000 ngokwemiklamo kaMasipala.
Noma yiliphi ikhasimende inani lomuzi walo elingaphansi kuka-R36 000 ngokwemiklamo kaMasipala futhi elingabe likhokhela ukuthuthwa kwendle lolu sizo luhlinzekwa mahhala. Noma iyiphi indlu yangasese yomgodi yohlobo lwe-VIP ithululwa mahhala kanye eminyakeni emihlanu.
Ukunikeza amakhasimende ulwazi lwe-GIS, izithombe ezithwetshulwe ngebhanoyi, ukusilela emuva, nezinye izibalo ..A4 evamile- Khona manjalo mahhala futhi.
Ukwamukelwa/Ukwedluliswa kwamapulani okwakha mayelana nokuthuthwa kwendle.
Okubucayi kulungiswa engakapheli amahora amane.
